Thursday, May 12, 2016

Umuntu akanakinga noJesu Kristu kodwa into enenkinga naye izono zomuntu namademoni akuye.



Marku 5:6-8

Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye; wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi. Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo”.

 

Kumele sikhumbule ukuthi umuntu ungumfanekiso kaNkulunkulu (Gen.1:27). Okuveza ngokusobala ukuthi nembala buyafuneka ubudlelwano phakathi komuntu noNkulunkulu. Inkinga akusiye umuntu kodwa izinto eziphethe umuntu.. Ungizwe kahle izwi liveza ukuthi kukhona indoda eyayihlala emathuneni eyayizilamaza ubusuku nemini kodwa mhla ibona uJesu Kristu yagijimela kuye ngoba ngaphakathi kwayo yayazi ukuthi ayidalelwanga lempilo eyayiphila kodwa inkinga eyayibhekene nayo ilamademoni ayeyibusa.

 

Bheka ke uma lendoda seyikuJesu Kristu akukhulumi yona kodwa kukhuluma lamademoni ayo athi “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke?”. Ngithi mina nanamhlanje uma izwi leNkosi uJesu Kristu lifika kithi kulwa ububi bethu kuqala thina singakasho lutho. Lapho oshumayelayo ethi “kumele uthethelele” bese kuvuka amagqubu kuwe athi “angeke ngimthethelele lomuntu owangenza kanjena”; noma ethi oshumayelayo “uJesu ungamanzi okuphila akukho okunye ukuphuza ekumele sikuphuze ngaphandle kukaJesu” kuvuke ukoma kumuntu kuthi “angeke ngihlukane nezinye iziphuzo uyadlala lomuntu”. Buningi ububi kanti zinengi nezono zethu thina abantu khumbula izwi lithi asibambene nenyama negazi (Efes. 6:12) okukhomba khona ukuthi impi esilwanayo ekamoya.

 

Sihlobo sami ilwa namademoni abhekene nawe nobubi bakho bonke ngezwi leNdodana (Heber.4:12).

 


Disclaimer:
The Professional Provident Society Holdings Trust No IT 312/2011 (PPS) is a Registered South African Trust whose registered office is 6 Anerley Road, Parktown, Johannesburg, 2193. PPS Insurance Company Limited Reg. No. 2001/017730/06 (PPS Insurance) – is an Authorised Financial Services Provider - License No. 1044. PPS Short-Term Insurance Company Limited Reg. No. 2005/005531/06 – an Authorised Financial Services Provider – License No. 46274. We are not acting or purport to act in any way as an adviser or in a fiduciary capacity.
This email is further subject to the following terms https://www.pps.co.za/portal/docs/PR/Email%20Disclaimer.pdf

No comments:

Post a Comment