Monday, May 16, 2016

Ubuzalwane abamukelwa ebumnandini.



Izaga 17:17

Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni

 

Yebo igama ungalamukela ebumnandini kanjalo nodumo kanye nobusonto ungabamukela ebumnandini kodwa akwenzeki ukuthi ubuzalwane ubamukele kumnandi.

 

Ngiyaye ngithi uma ngibheka emuva empilweni yami ngikhumbule izikhathi ezazinzima engake ngabhekana nazo nezangifundisa ukuthi ubheka kuJesu Kristu hhayi ebunzimeni nasebantwini bese ngibone ubukhulu bukaJehova nokuzalwa kwami ekukholweni yiNkosi uJesu Kristu. Uma uJesu Kristu ethi ku-Mathewu 11:28  “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza” nginesiqiniseko nobufakazi bokuthi wayengakhulumi into engekho.

 

UNkulunkulu wayekhona ekuqaleni (Gen.1:1) futhi noma umuntu ezama eyakhe imizamo usuke ekhona. Okuthokozisayo ngoNkulunkulu ukuthi unesineke sokukumela wenze ngeyakho indlela ngoba azi kahle ukuthi uzokhathala. Futhi noma usukhathele akasivali esakhe isandla kodwa uthi “woza nobunzima bakho” bese ulungisiswa ngoba yilapho ozalwa khona nalapho owamukela khona igama elisha (Isaya 62:2). Ngigcwala amandla uma ngizwa izindaba zamadodana kaThixo oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego (Dan. 3) oDavide (1 Sam.23:9-29) oDaniyeli (Dan 6.16) kanye nabanye abaningi ngoba ngazi ukuthi labazalwane bazalwa enhluphekweni.

 

Sihlobo sami lapho nawe ukhona qina bese ubheka kuJesu Kristu lapho insindiso ikhona khona.

 


Disclaimer:
The Professional Provident Society Holdings Trust No IT 312/2011 (PPS) is a Registered South African Trust whose registered office is 6 Anerley Road, Parktown, Johannesburg, 2193. PPS Insurance Company Limited Reg. No. 2001/017730/06 (PPS Insurance) – is an Authorised Financial Services Provider - License No. 1044. PPS Short-Term Insurance Company Limited Reg. No. 2005/005531/06 – an Authorised Financial Services Provider – License No. 46274. We are not acting or purport to act in any way as an adviser or in a fiduciary capacity.
This email is further subject to the following terms https://www.pps.co.za/portal/docs/PR/Email%20Disclaimer.pdf

No comments:

Post a Comment